Ujoyina Isibaya 'umama kaPhenyo'

2017-04-05 14:02

Johannesburg - Akukapheli nesonto elilodwa kuphele isiqephu sokugcina se-Greed & Desire kodwa uLinda Sebezo usezitholele ikhaya elisha komunye umdlalo owuchungechunge kumabonakude.

Ngokusho kwemithombo, lesi sihlabani somlingisi sijoyina iSibaya esitshengisa nsuku zonke kuMzansi Magic, 161.

Lesi sihlabani sisanda kuklonyeliswa ngendondo yeBest Supporting Actress ngendawo yaso esiyidlala kwiGreed & Desire.

OLUNYE UDABA:OwoZalo ujoyina iThe Queen

Imithombo idalule ukuthi lesi sihlabani siqale ukuqopha kwiSibaya izolo (ngoLwesibili).

"Ucelwe ukuba afike ngoLwesibili, uzodlala indawo ebalulekile kuwo lo mdlalo," kuqhuba umthombo.

ULinda ekhuluma nephephabhuku iDrum uqinisekise indawo yakhe azoyidlala kodwa akazange ayidalule eminye imininingwane.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 17-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-32°C Scattered showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C Afternoon clouds. Warm. PE: 21-27°C More clouds than sun. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...