UHLU OLUPHELELE: Abaphakanyiswe kumaMetro FM Music Awards

2017-01-18 13:01

Cape Town – Asemenyezelwe amagama abaculi abaphakanyiselwe kwabazowina izindondo kumaMetro FM Music Awards onyaka ka-2017.

Umculi weR&B, u-Amanda Black, uyena ozihola phambili njengoba ephakanyiselwe emikhakheni emihlanu, bese elandelwa uBabes Wodumo yena ophakanyiselwe emikhakheni emine.

Ingqikithi yalo nyaka ithi:"What's next is all that matters", nokungatolikwa ngokuthi okulandelayo yikhona okubalulekile.

OLUNYE UDABA: Iphinde yaphakanyiselwa kuma-Grammy Awards iBlack Mambazo

Olayini bokuvota sebevuliwe kanti bayoze bavalwe ngo-23:59 ngeSonto, ngomhlaka-12 kuFebhuwari kunyaka ka-2017.

Wonke umuntu ozowina indondo uzohlabana ngesamba semali engu-R100 000.

AmaMetro FM Music Awards azobanjelwa eThekwini, eNkosi Albert Luthuli ICC ngoMgqibelo mhlaka-25 kuFebhuwari.

Nalu uhlu oluphelele lwabaphakanyisiwe:


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...