Uhlengezele unyembezi oweSibaya enzelwa iphathi abengayilindele

2016-09-01 10:04

Johannesburg - Inkakha kwezokulingisa eyintandokazi yabaningi uMenzi Ngubane uthuke woma ngesikhathi unkosikazi wakhe uSiki emeznela iphathi engazelele njengoba ebehlanganisa iminyaka engui-52 ubudala.

Kunzima ukukholwa ukuthi leli geza lineminyaka engale kwengu-50 ubudala kanti futhi bekungokokuqala yenzelwa iphathi.

OLUNYE UDABA: Angakhiwanga iGenerations - Menzi Ngubane

Ngonyaka ophelile usuku lwakhe lokuzalwa kwakuyisidlo sasemini nabangani nezihlobo kanti kulo nyaka uthole iphathi enkulu waze wahlengezela inyembezi.

"Akekho oseke wangenzela okufana nalokhu empilweni yami kanti futhi bengingalindele ukuthi ngingase ngenzelwe ngisho nasemaphusheni," usho janke etshela abephephabhuku iDrum.

"Ngibonga kakhulu, kuningi osekwenzekile empilweni yami kanti uNkulunkulu ungitshengisile ukuthi uyangithanda," usho kanjalo ebuzwa ngokuthi zuzizwa kanjani esehlanganise iminyaka engu-52 ubudala.  

UMenzi useke wahlaselwa wukugula izikhawu eziningi, njengoba eseke waphathwa nayizinso.

Lezi zithandani zineminyaka emibili zishadile kanti futhi ziqhuba kahle.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 13-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-25°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C a few showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...