Uhlelo olusha olulandela impilo yomndeni osesithenjini

2017-05-03 12:30

Johannesburg - Uthando neSthembu, Uhlelo olusha oluzadlala kuMzansi Magic olubonisa impilo kasomabhizinisi waKwaZulu-Natal uMusa Mseleku onesithembu.

Kulolu hlelo kuzobonakala wonke amakhosikazi akhe amane nokuthi baphilisana kamnandi kanjani.

Yize la makhosikazi ethi ayahloniphana futhi aphilisana kamnandi, ayavuma ukuthi kwakungelula ukufika kulesi sigaba.

Wonke azoveza ukuthi kwakunjani ngesikhathi ezwa ukuthi umyeni wabo usezothatha futhi. Kulolu hlelo azogeqa amagula ngesikhwele, ukungathembani, ukuphoxeka othandweni kanye nokwamukela isimo ukuze kube nokuthula.

OLUNYE UDABA:Abazalwane abayizwa ekamfundisi waseThekwini othatha isithembu

Kuthiwa akekho umakoti ophathiswa okweqanda kulo mndeni njengoba wonke umuntu edlala indima yakhe ebhizinisini lomndeni kanye nokukhulisa izingane.

Lolu hlelo luzoveza wonke amaqiniso mayelana nezingqinamba kanye nokunye okuhle kokuba sesithenjini nokuthi balulandela kanjani usiko nosikompilo lwesimanje.

Lolu hlelo luzoqala ngoLwesine mhla zingu-18 kwephezulu kuMzansi Magic (DStv 161) ngo-20:00 ebusuku, kubika iChannel24.

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-20°C a few showers. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...