Uhlela indumezulu yomcimbi uDJ wodumo eThekwini

2017-10-24 07:01

eThekwini - UDJ Bongz othandwa kakhulu ngezitayela zakhe zokudansa eThekwini uhlela indumezulu yomcimbi.

Umcimbi ka-"Mr Gwaragwara" osuneminyaka emithathu wasungulwa futhi ovame ukwenzelwa endaweni yobumnandi i-Social Link elokishini lakwaNdengezi ubhekwe ngabomvu kulo nyaka.

Lo DJ uthe inhloso yakhe enkulu wukuqhakambisa abaculi abasafufusa, yize engalutholanga uxhaso olwanele kulokhu, uthe uzozama ngokusemandleni akhe ukubathuthukisa.

Lo DJ ubenengxongxo nabe Izindaba24 lapho ephinde waveza khona ukuthi ingxenye yenzuzo ayenza ngonyaka ophelile ngalo mcimbi wanikela ngayo ezikoleni zakule ndawo.

“Sifisa ukuzuza lukhulu ngalo mcimbi. Asibhekile ukujuxuza kanye nobumnandi kuphela kodwa sibheke nezindlela esingathuthukisa ngayo umphakathi, ikakhulukazi izikole ngoba ayikho into ebaluleke njengemfundo.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Ubuwubukhazikhazi umcimbi womlingisi odumile wokwamukela ingane

Lo mcimbi wehluke kakhulu kuneminye ngoba baningi abaculi abasadinga ukuzibonakalisa abazonandisa kulo mkhakha wezomculi.” Kusho Dj Bongz

Kuwo lo mcimbi kuboshelwe nezintandokazi ezifana ne-Destruction Boyz eshaya umculo wegqomu, uKhuzani, Lvovo, Zakwe, KZN Choir, Mondli Ngcobo, Naima Kay kanye nabanye.

O-Dj abazoshukimisa inkundla kubalwa iDestruction Boyz, Dj Merlon, Dj Happy gal, Dj Siyanda, Dj Cndo kanye nabanye.

Amathikithi aqala ku-R100 kanti awe-VIP  abiza u-R200.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...