UHeavy K uthi akanankinga nomzimba wakhe

2018-01-11 14:01

Johannesburg - Uphrojusa womculo uHeavy K umatasa kakhulu ngokukhiqiza umculo oshisa izikhotha ngakho akanaso isikhathi sabantu abamgcona ngomzimba wakhe.

UHeavy K ekhuluma neTshisaLive ukuchazile ukuthi uzithanda eyile ndlela ayiyo futhi uyokwenza imizamo yokwehla emzimbeni uma sekuthanda yena, hhayi ngenxa yengcindezi.

"Angifuni ukuqamba amanga, kwesinye isikhathi okubhalwa enkundleni yezokuxhumana iTwitter kuyaye kungicasule, kodwa kancane. Uma ngibona umbhalo ngomzimba wami ngiyawuziba.

OLUNYE UDABA:Kuzungeza athi uHeavy K uthembise intombi umshado

"Le nto isekutheni bona bazizwa kanjani ngomzimba wami noma ngami, kodwa mina angizizwa kanjalo. Iyangijabulisa indlela engiyiyo. Angizele lokho mina la kodwa ngizokwenza umculo omnandi."

UHeavy K, ogama lakhe lokuzalwa nguMkhululi Sigula, uthe nakuba wakhula eyingane "etetemayo", ngemuva kokuba wusaziwayo wabona ukuthi akusiye wonke umuntu ongakhuluma kahle ngaye.

Uthe kungenzeka ukuthi abangamthandi kwabaphoqa ukuthi bathole okunye abangamgcona ngakho ngoba akukho olubi abangakusho ngomculo wakhe.

UHeavy K uqhube ngokuthi uma esekucabanga ukwehla emzimbeni, uyokusabalalisa komabonakude ngenhloso yokugqugquzela abanye abafana naye.

Lesi sihlabani seculo elithi Inde yiso futhi esenza amanye amaculo amakhulu eMzansi, afana nelithi Umoya, Celebration, Yini, nezinye.

Icwecwe likaHeavy K elisha iRespect the Drumboss 2018 lizophuma ungakopheli lo nyaka. Le albhamu izobe iqukethe amanye amaculo amasha namabili elithi Inde alicula noBucie kanye Nokwazi kanjalo nelithi Siphum'elokshini eliculwa wuMondli Ngcobo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...