UHeavy K ubonge umama wengane ngonyanyavu lwemoto

2016-04-14 14:33

Johannesburg -  Uphrojusa womculo we-house ovelele uHeavy K wenzele intombi yakhe ewumama wengane yakhe into enkulu ngokwedlulele emthengela imoto yohlobo lwe-Mercedez Benz okuthiwa Ibiza ngaphezu kuka-R 400 000.

Lo phrojusa ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi sekuphelile ukugibela amatekisi nezinsiza zokuthutha zomphakathi esithandweni sakhe.

“Ngiyabonga ngokungizalela indodana enhle. Ukube wawungekho ngabe angiyena ubaba namuhla. Ngiyakubonga kakhulu futhi uzohlezi ungu-“drumbae”,” kusho yena.

Ekuqaleni kwalo nyaka uHeavy K wathengela uyise unyanyavu lwemoto ngemuva kweminyaka engu-18 ehamba ngebhayisikili, kubika iNewswatch.

heavy k

- Times Live

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...