Ushade isinyenyela umlingisi owagilwa wumfundisi

2017-12-11 12:30

eGoli - Intokazi eyayilingisa kuGenerations yakudala uSophie Ndaba ushade isinyenyela ngenyanga edlule.

Le ntokazi ithathwe wusomabhizinisi waseSoweto uMax Lichaba bawela izilwandle belibangise kwelase-Italy lapho babophe khona elikasofa silahlane.

Lezi zithandani zindizele kwelaseFrance lapho beyongcebeleka khona ngemuva komshado wabo.

OLUNYE UDABA:Useyashiya kuGenerations: The Legacy umlingisi wodumo

Uthando lalwaba lwaqinisekiswa ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ngesikhathi omalume nogogo wakhe beyohlanganyela nabakwaNdaba eGoli kuyokhwa amalobolo.

UNdaba uvumile ngesikhathi izintatheli zephephandaba iSunday World sezimpintshele ekhoneni ngokuthi useshade noLichaba.

"Yebo ngigqoke indanatho kodwa angikakulungeli ukuphendula le mibuzo. Engingakusho wukuthi singabantu abenza okulungile futhi sizoqhubeka ukwenza izinto ngendlela efanelekile,"kusho yena.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...