Ufike waqoqa izindondo koweSA Hip Hop Awards uCassper Nyovest

2017-12-15 14:01

eGoli - Umcimbi wokuklonyeliswa kwabaculi be-Hip Hop abahamba phambili kuleli usonyakeni wawo wesithupha kulo nyaka.

Kulo mcimbi kuhlonishwe umrepha uCassper Nyovest ngendondo yeMilestone Award ngokuqopha umlando ngomcimbi wakhe obeyimpumelelo i-#FillUpFNBStadium.

Ngale kwalokho, lo mrepha ubuye wawola nezinye izindondo okubalwa kuzo eyeBest Video - ngengoma yakhe ethi Destiny, iBest Male ngengoma yakhe ethi Thuto, i-Album of the Year ngoThuto, iMost Valuabe kanye ne-Hustler of the Year.  

OLUNYE UDABA:Umculi kaMaskandi usefuna ukugcwalisa iMoses Mabhida

Lo mrepha usebenze ngokukhulu ukuzikhandla kulo nyaka kanti abaningi bathi zimfanele lezi zindondo ngoba uyisibonelo esihle kakhulu kubobonke abaculi bakuleli ikakhulukazi labo abasafufusa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...