UDJ ubonga okhokho noNkulunkulu kulandela ukuhlaselwa yizigebengu

2016-12-13 18:04

Johannesburg - Owesitebele somculo i-Afrotainment uDJ Tira ogama lakhe lokuzalwa nguMthokozisi Khathi udlulise ukubonga kulandela ukulimala ngemuva kokubandakanyeka esigamekweni sokubanjwa inkunzi eGoli.

UTira obevinjezelwe yizigebengu, zizama ukumphuca iselula yakhe, uthe uvikelwe yiNkosi nabakubo ngesikhathi ebanjwa inkunzi.

OLUNYE UDABA: U-Dr Malinga ubesho ukumqeda uTira kuTwitter

Lo DJ uchazele abeTshisaLive ukuthi ubeya emotweni yakhe ngemuva komcimbi obuseGoli ngempelasonto ngesikhathi evinjezelwa amadoda amangu-10 azame ukumphuca iselula yakhe. Wawaliswa kwaze kwabikelwa onogada ngesigameko.

"Kudingeke ukuthi ngiwalwise. Iningi lawo libalekile ngaphambi kokufika konogada bangisiza ngayongena emotweni yami," kusho uTira.

Ngemuva kwesikhashana uTira ufake isithombe sakhe enkundleni yezokuxhumana iFacebook eveza inxeba alithole ehlaselwa.

UTira uthe ukholwa ukuthi abakubo noNkulunkulu bebemubhekile ngesikhathi sesigameko.

"Abaphansi noNkulunkulu bahlezi bengivikela. Sengiyalulama manje."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...