UDJ Tira uthi sekungcono kakhulu ukuziphatha kukaZodwa Wabantu

2018-04-05 14:01

eGoli - UZodwa Wabantu uyazazi ukuthi akathandwa yiwo wonke umuntu, kodwa nakuba kunjalo lokho akuzange kumvimbe ekutheni azibuyiselele ngesikhathi owesifazane emthela ngesiphuzo ngesikhathi enandisa eMoriting Park eTembisa.

UZodwa ukhiphe lo wesifazane izinwele abezifake ekhanda wamuchapha nangenhlamba.

Ivideo etshengisa uZodwa elwisana nalo wesifazane isizungeze ezinkundleni zokuxhumana, abanye abalandeli bethi udlame alusiyo isisombululo kunoma yisiphi isimo.

OLUNYE UDABA:IDistruction Boyz ithi iyivivele impi yobunikazi bengoma eyashisa izikhotha

Yize le ntokazi edume ngokushaya ivosho ingenakho ukuzisola ngokugxavuna i-wig yalo wesimame ngempelasonto, umphathi wakhe uDJ Tira akakhathazekile ngokuziphatha kwalo mdansi.

"Ngizwile kancane ngalokhu okwenzekile kodwa ngicabanga ukuthi kuzodlula. Ngiyazi ukuthi ukuziphatha kukaZodwa sekungcono kakhulu kulezi zinyanga futhi ngiyamtshela ngaso sonke isikhathi ngakhoke angikuboni okungangiphoqa ukuba ngimqondise izigwegwe,"kusho uTira.

UTira uthi uzoxhumana nalo mdansi wakhe nethimba lakhe kanye noDJ Shimza ukuze azwe kahle ukuthi kwenzakaleni emcimbini.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...