UDJ Tira ukhala ngenani lokuqasha uBabes Wodumo

2018-03-27 12:31

eThekwini - UDJ Tira uthi namanje akaqondisisi ukuthi ngabe uyena na noma umcimbi wakhe owenze uMampintsha wamubiza imali engakhulumeki njengoba efuna ukubhukha uBabes Wodumo.

Uthi le nani abambize lona akuyona imali abajwayele ukuyibiza uma kubhukhwa le ntokazi.

Kubonakala sengathi ukungathelelani amanzi kukaTira noMampintsha sekufinyelele kwelinye izinga njengoba kunezinsolo zokuthi lesi sikhulu se-West Ink siwakhuphule ngamabomu amanani okuqasha uBabes ngesikhathi uTira ecela ukumubhukha.

UTira utshele abeTshisaLIVE uthi ubefuna le ntokazi eshaya amaWololo izibonakalise emcimbini wakhe iGqom In Concert ozokuba ngenyanga ezayo, kodwa watshelwa ukuthi usebhukhiwe kodwa angamthola uma ekhokha leli nani eliphezulu.

OLUNYE UDABA:BUKA: Ingoma entsha kaBabes Wodumo, Mampintsha neDistruction Boyz

“Angiqondisisi ukuthi kungani ngibizwe imali engaka. Kodwa-ke umuntu unelungelo lokubiza imali ayifunayo, kodwa ngazi kahle ukuthi le akuyona imali ajwayele ukuyibiza ngoba isikhushulwe kakhulu futhi ngeke siyikhone.

“Nginethemba lokuthi bazoshintsha umqondo sikwazi ukuxoxisana ngenani elisifanele sonke,” kusho uTira.

Imizamo yokuxhumana noMampintsha kanye noBabes kayiphumelelanga kodwa amahlebezi athi laba batshele abeSunday Sun ukuthi ngumsebenzi kuphela oqhubekayo futhi leli nani alihlangene nakancane nokungaboni ngasolinye kukaTira noMampintsha.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...