UDJ enkingeni yesondlo

2018-02-12 18:06

Johannesburg - UKabelo Motsamai odume ngelikaPrince Kaybee usolwa ngokuhluleka ukondla ngemuva kokukhulelisa owesifazane waseGauteng.

Lesi sihlabani seculo iCharlotte, kusolwa ukuthi sahluleka ukuyobona ingane yaso ngemuva kokuzalwa.

Ngokusho kweSunday World, uPrince Kaybee nomama wengane yakhe bavumelana ukuthi uzokhipha imali engu-R2 5000 yesondlo.

OLUNYE UDABA:UTeko Modise iakayondli ingane yakhe - Umama wengane

Nakuba kunjalo, lo DJ wagcina isithembiso sakhe izinyanga ezimbili kuphela ngaphambi kokunciphisa inani lesondlo wasinciphisa ngo-R500 nyanga zonke.

"Ngamutshela ukuthi imali ayiphelele ngoba ngidinga ukuthenga ubisi lwengane ngiphinde ngithole nomzanyana.

"Kufanele ngiphume endlini ngiyobheka umsebenzi.

" Ngiziqedile izifundo zami ze-Internal Auditing ebengizenza e-Unisa," usho njalo etshela iphephandaba.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...