Udedelwe ngebheyili oweSibaya

2017-04-16 12:35

Johannesburg - Udedelwe ngebheyili umlingisi womdlalo wakumabonakude Isibaya esitshengisa kuMzansi Magic 161, uPallance Dladla.

UPallance oneminyaka engu-25 ubudala odlala indawo kaJabulani Zungu waboshwa wagcinwa esitokisini ngemuva kokutholakala nensangu eMontecasino eFourways, enyakatho yeGoli ngoLwesihlanu olwedlule.

OLUNYE UDABA: OweSibaya kubikwa ukuthi unenkinga yophuzo oludakayo

Umthombo wamaphoyisa utshele iSunday World ukuthi lesi sihlabani saboshwa ekuseni ngoLwesihlanu ngemuva kokuba onogada bendawo bebizele amaphoyisa kule ndawo ngendoda eyayibhema insangu ngaphakathi ekhasino.

"Ngesikhathi sifika endaweni yesigameko, onogada basitshela ukuthi bathole le ndoda ibhema. Sayisesha sathola insangi kuyo," kusho lo mthombo.

Thola udaba oluphelele kwiSunday World

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...