UCici wangishaya nge-hanger - Arthur Mafokate

2017-09-24 13:01

Johannesburg - Inkakha yomculo weKwaito u-Arthur Mafokate uthi intombi yakhe uBusisiwe "Cici" Twala yamushaya nge-hanger, isitulo esiyinsimbi yaphinde yamuluma engalweni esigamekweni sodlame lwasekhaya waphoqeleka ukuba aye kwadokotela.

UMafokate uphinde wathi uCici wathatha i-DVD player ne-DStv decoder efuna ukuqhubeka nokumlimaza, ngemuva kokuhilizisana ekamelweni.

Lesi sihlabani somculi sithe kwadingeka ukuthi aphume endlini yakhe, akwazi noshayela amaphoyisa ucingo ukuze ezomhlenga kudlame lwaCici.

OLUNYE UDABA:Ibe yize imizamo ka-Arthur Mafokate ecaleni abhekene nalo

Le mininingwane eshaqisayo iqoshwe encwadini efungelwe kaMafokate ayenza esiteshini samaphoyisa aseMidrand ngomhlaka-14 Juni.

UMafokate unqabile ukuphawula ngalolu daba wadlulisela abezindaba kwimenenja yakhe uBrian Mokoena.

UMokoena uthe: "Engingsakusho wukuthi uMafokate akekho muhle emoyeni futhi umthanda ngenhliziyo yakhe yonke uCici. Osekwenzekile kumphathe kabi kakhulu. Lokho kudalwe yimibono yabantu ethi ushaye uCici nakuba onke amaphepha asenkantolo engakuvezi lokho."

Thola udaba oluphelele kuSundayWorld

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...