UChomee uselaxaze u-Arthur ngoba esethole isipawupete esisha

2017-09-26 18:00

eGoli - Njengoba izinto beseziqala ukuhamba kahle, uChomee usemlaxaze okwangempela u-Arthur “King of Kwaito” Mafokate. 

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi uzoyishiya inkampani kaMafokate, i-999 Music, uChomee ogama lakhe langemoela nguThulisile Madihlaba uthe: "Sekumele ngifunde ukwenza izinto ngendlela yami.

"Kuningi esengikufundile kwezikaqedisizungu, ikakhulukazi ngoba ngangena kule mboni ngiseyingane. Angifuni ukusho okuningi okwamanje, kodwa konke kuzobonakala maduze."

Imithombo yangaphakathi ithi le ntokazi ibekezelele izinto eziningi kanti futhi izinqumo zayo eziningi zilandela lezi zigigaba zakamuva nentokazi eyayisebenza nabo uBusisiwe "Cici" Twala.

UCici uyena owagudluza uChomee ngesikhathi eqala ukuthandana noMafokate, kanti okuningi kuvela njengoba kuqhubeka icala elithinta lezi zithandani enkantolo.

OLUNYE UDABA:UCici wangishaya nge-hanger - Arthur Mafokate

Kukho konke lokhu uChomee wanika u-Arthur ithuba lesibili, kodwa umthombo wesibili uthi le ntokazi ithi ngeke ikwazi ukubekezelela enye intombi entsha ezomgudluza njengoba agudluzwa wuCici.

Lokhu kulandela imibiko yokuthi uMafokate usesayine intokazi entsha eyayisohlelweni lokuvundulula ikhono lokucula, ama-Idols, uSindi Nene.

Ngesikhathi abamaphepha bexhumana noMafokate uthe: "Ngiyakuzonda ukuphawula ngalezi zindaba. Angiphathekile kahle okwamanje, futhi ngithola usizo kosolwazi."

Ngesikhathi kuthintwa umphathi wakhe, uBrian Mokoena, ukuqinisekisile ukuhamba kukaChomee wathi kuyabakhubaza ukulahlekelwa yilo mculi ngoba kukhona abamfaka umoya omubi, wathi kuzomsiza ukuthi asheshe akubone lokhu.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...