Ucasuke kabi usaziwayo ngobhala ukukhohlakala ngegama lakhe kuFacebook

2017-10-19 14:00

eGoli - Umlingisi odlala indawo kaQondi kuSibaya ubhale ku-Twitter ezwakalisa ukudinwa kwakhe ngekhasi lakuFacebook elivulwe ngegama lakhe.

Le ntokazi ogama layo langempela nguJessica Nkosi ayivamile ukuveza ukudinwa kwayo ezinkundleni zokuxhumana nokuyinto ethuse abaningi ngesikhathi yenzeka.

Okucasula uNkosi ngaleli khasi wukuthi umuntu olivulile ubhala izinto ezingamahlazo nenemikhuba nokuyinto eyenze lo mlingisi washaqeka.

OLUNYE UDABA: BUKA: UJessica Nkosi egubha abalandeli abayisigidi ku-Instagram

Ebhala kuTwitter, uNkosi uthi akaqondisisi ukuthi ngumuntu onjani ongavula ikhasi ezinkundleni zokuxhumana esebenzisa igama lakhe, ajike abhale ukukhohlakala kodwa.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...