UCassper ukhiphe umehlokaboni ka-R50 000 elahlekelwe wumgexo

2016-06-13 14:35

Cape Town – Bekuhlangene zonke izihlabani zomculo ongazicabanga emcimbini we-Youth Hip Hop Festival eThekwini ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium, Peoples Park East.

Kulo mcimbi bekukhona ngisho no-AKA etetemuka nowakhe uBonang kanye noCassper Nyovest.

OLUNYE UDABA: Ivideo: UCassper "edlala" esiteji

Lo mrepha wegoda ujabulise abalandeli waze wazizwa egcwele uthando waziphosa phezu kwequlu labandeli okokuqala ngqa empilweni yakhe. Kodwa ngeshwa bandla esenza lokho walahlekelwa wumgexo wakhe wasemqaleni.

UNyovest ukuze awuthole umgexo wakhe ubhale enkundleni yezokuxhumana ukuthi uma kunomlandeli ongase amtholisele engathola umehlokaboni wemali engu-R50 000.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...