UCassper Nyovest uthenge olunye unyanyavu lwemoto ebiza u-R1m

2017-05-19 09:33

Cape Town – Umrepha wakuleli odume ngokubukisa ngezimoto zakhe zikanokusho, uCassper Nyovest, udalule ukuthe usethenge olunye unyanyavu lwemoto yohlobo lwe-Mercedes Benz V-Class.

Ngokwe-website yakwa-Mercedes Benz, le moto kanokusho Ibiza phakathi kuka-R800 000 kuya ngaphezu kuka-R1 million.

OLUNYE UDABA:Video: Izimoto zikanokusho okubaleke ngazo izigebengu eMhlanga

Lo mrepha osanda kukhipha ingoma esihloko sithi Tito Mboweni, ubhale kuTwitter ukuthi le moto ingentofontofo kakhulu ukuthi utatanyiswe ngayo.

“Ubukhazikhazi bangempela. Ngicishe ngadayisa zonke izimoto zami. Angisafuni nokuthi ngiphinde ngishayele,” uCassper ucashunwe kanjalo kuTwitter.

Zibonele uhlobo lwemoto oluthengwe uNyovest lapha:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...