UCassper Nyovest uqophe umlando oyoxoxelwa izizukulwane

2017-12-04 10:59

eThekwini -  Umrepha wakuleli uCassper Nyovest ungowokuqala ngqa ukugcwalisa inkundla yezemidlalo i-FNB eSoweto.

Lokhu okwenziwe wuCassper akukona ukufeza iphupho lakhe eyedwa lokugcwalisa le nkundla, kodwa uqophe umlando oyohlala ezinhliziyweni zezinkulungwane zabantu bakuleli, ikakhulukazi abantu abansundu.

Lo mrepha wawuqala kancane lo mkhankaso wakhe ngokugcwalisa inkundla okuvame ukubanjelwa kuyo imicimbi yobumnandi iThe Dome eminyakeni emibili eyedlule. Ngemuva kokugcwalisa le nkundla, wadlulela phambili ngonyaka odlule egcwalisa inkundla yezemidlalo i-Orlando Stadium.

Okwenza lo mrepha ahlonishwe kakhulu wukuthi konke lokhu wakusungula eyedwa futhi yayicikizela kakhulu indaba yabaxhasi ngoba kulo nyaka uthole abaxhasi cishe ngenyanga yokugcina umcimbi ube khona.

OLUNYE UDABA:UDJ ukhihla esinaNandi ngokuthathelwa inguduso

NgoMgqibelo, uCassper, 28, udayise amathikithi angaphezu kuka-68 000 ngemizamo yokugcwalisa inkundla uFNB emcimbi othathwe njengomkhulukazi kuleli.

Ngo-21:00 ebusuku besekugcwele mfi kwiGolden Circle kukhona namakhulu abantu abebemi ngaphandle kwamasango bengakwazi ukungena ngoba amasango asevaliwe, kepha batshakadula khona lapho kwaze kwasa.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...