Ubuyela emsebenzini obethathe ikhefu ku-OPW

2016-06-30 19:03

Johannesburg - Umethuli wohlelo i-Our Perfect Wedding uThembisa Mdoda uzobe ethula lolu hlelo ngomhlaka-3 Julayi kulandela ukuthatha ikhefu inyanga eyodwa.

UThembisa ubebanjelwe ngudadewabo phonde abengumethuli wohlelo emsakazweni i-94.7 FM u-Anele Mdoda nomlingisi weSibaya uJessica Nkosi njengoba ebesathathe ikhefu.

OLUNYE UDABA: Sibashiye bekhexile abaningi isiqephu se-OPW

"Ngicabanag ukuthi kubalulekile ukucacisa ukuthi bengingathathile ikhefu emsebenzini nje uwodwa kodwa bengidinga nokuphumula kanti kuyangijabulisa ukubuyela ngiyoshadisa abantu," kusho uThembisa.

Lolu hlelo ludlal njalo kuMzansi Magic 161 ngeSonto ngezithuba zabo-19:00.

 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...