Ubusiswe ngengane yomfana umculi we-Kwaito

2018-01-16 19:02

EGoli - UBusiswa Gqulu kanye nesoka lakhe uKatlego Mlangeni babusiswe ngengane yomfana.

Le ntokazi ehamba phambili emculweni we-kwaito ithathele ezinkundleni zokuxhumana iveza injabulo yayo ngalesi sibusiso.

UBusiswa ufake isithombe sakhe ezinkundleni ngoMsombuluko emini waveza nokuthi igama lendodana yakhe nguLakhanya.

"Ingane nobaba, angikholwa ukuthi impilo ingaba mnandi kalendlela. Wamkelekile ekhaya Lakhanya," kusho lomculi ebhala ku-Instagram.

OLUNYE UDABA:Ibiyoshunqiselwa impepho ingane obekuthiwa ithunjiwe

Lo mculi wasebenza kwaze kwaba yizinsuku zakhe zokugcina ngaphambi kokuba athathe ikhefu ngoDisemba.

Ngokusho kwakhe ekhuluma nabasakazi bakwaMetro FM, le ntokazi yathi ifuna ukusebenza ngokuzikhandla ingane ingakafiki, ngoba uma isifikile, ufuna ukuyinika isikhathi sakhe ngokwanele.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...