Ubuhlungu benhliziyo obenze 'wayocasha' ohlulwe kuma-Idols

2017-11-21 07:03

Johannesburg - Ngokusho kwemibiko, lowo owehlulwe kuma-Idols SA, uMthokozisi Ndaba, uyehluleka ukudlulisa ubuhlungu bokwehlulwa nguPaxton Fielies kulo mcintiswano.

Ngemuva kokuba uPaxton,17, emenyezelwe njengonqobile, uMthokozisi Ndaba uvele waphuma esiteji, ‘wanqaba ukukhuluma nabezindaba.’

Okhulumela iM-Net, uNondumiso Mabece, kubikwa ukuthi uthe uNdaba,25, ucele ukunikezwa ithuba lokuba akwazi ukudlulisa ubuhlungu bokungawini.

"Uzosho yena uma esekulungele ukukhuluma nabezindaba,” kusho uMabece kwi-TshisaLive.

"Okwamanje uthola usizo lokuba akwazi ukumelana nobuhlungu besimo.”

OLUNYE UDABA: Ngiyabonga kakhulu kini nonke - Onqobe kuma-Idols

Kungene amavoti angu-30 million kuleli sonto eledlule, iningi lawo laya kuPaxton. Okwamanje akukacaci ukuthi uMthokozisi uhlulwe ngamavoti amangaki.

UMthokozisi waba yintandane eneminyaka engu-14 ubudala waphinde wafeyila umatikuletsheni ngo-2009. Wabuyela esikoleni wawuphasa ngo-2012.

Kuthe ngoFebhuwari nonyaka wadutshulwa emlenzeni ngesikhathi kuphangwa kubo, kepha waqinisela kunjalo waqhubeka nomncintiswano.

Thola udaba oluphelele lapha.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...