UBrickz uzogqunywa esitokisini aze agwetshwe

2017-07-08 13:01

Johannesburg – Umculi wekwaito, uSipho 'Brickz' Ndlovu, uzolinda amanye amasonto amabili egqunywe esitokisini kuze kube kwehliswa isigwebo sakhe ngokudlwengula intombazane.

Lesi sihlabani sikhale ngaphansi kuleli cala eselidonse iminyaka emithathu eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort, ngoLwesihlanu.

Lesi sigameko kukholakala ukuthi senzeka emzini walo mculi oseRuimsig, eWestrand ngo-2013.

Kukholakala ukuthi unkosikazi wakhe, uNqobile Ndlovu, wasiza isisulu ukuba sivulele umyeni wakhe icala.

OLUNYE UDABA: Kuthiwa usekhulelwe owavulela uBrickz icala

Ukwehliswa kwesigwebo kuzoqala ngomhlaka-20 Julayi, kanti uBrickz uzobe elindele ngaphakathi.

Okhulumela iNational Prosecuting Authority, uLuvuyo Mfaku, uthe: “UMnuz Ndlovu ulahlwe yicala, lokho kusho ukuthi isihoxisiwe ibheyili ka-R50 000 abengaphandle ngayo, ngakho uzobuyela esitokisini.”

Kuzokhumbuleka ukuthi unkosikazi kaBrickz wethula ubufakazi enkantolo wathi kwesinye isikhathi wayemvumela lo mculi ukuba enze ucansi nabanye abantu phambi kwakhe ngoba encenge ukuthi umshado wakhe ungabhidliki.

Wathi kokunye uBrickz wathenga umqwayizi balala naye bobabili.

Kusaqhubeka leli cala kwaphinde kwavela ukuthi uNqobile uzithwele.


- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...