UBongani uzovala isikhala sikaPhat Joe emsakazweni waseKZN

2017-07-24 16:02

Johannesburg – Ngemuva kokumemezela ngaphambilini ngoJulayi ukuthi uPhat Joe uzoshiya umsakazo, ngoMsombuluko isiteshi somsakazo saKwaZulu-Natal, i-East Coast Radio, sidalule izindaba zokuthi umsakazi walesi siteshi, uBongani Mtolo, uyena osezoshayela uhlelo lwantambama nalapho ezobambisana khona noMags van der Westhuizen.

Laba bobabili bazoqala ukushayela lolu hlelo olungena phakathi kuka-15:00 kuya ku-18:00 ngoMsombuluko, mhlaka-31 kuJulayi.

OLUNYE UDABA: Useyashiya futhi emsakazweni waseKZN umethuli wezinhlelo kumabonakude

UBongani wajoyina i-East coast ngonyaka ka-2015, kanti lesi siteshi sithi ngalesi sikhathi asesichithe lapha usekhombisile ukuthi uyintandokazi kubalaleli.

Ephawula ngalezi zindaba zokushayela uhlelo lwantamba esitatimendeni sabezindaba, uBongani uthe uhlelo lwabo kuzobe kuwuhlelo olumnandi kanti futhi bazophinde babandakanye nababukeli. 

- Channel24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...