Ubonga ukuphila umlingisi ongenelwe yizigebengu kwakhe

2018-03-26 12:30

Johannesburg - Umlingisi, uMarjorie Langa odlala indawo kaGloria kwi-Scandal, uthi ubonga ukuphila kulandela ukungenelwa izigebengu emzini wkahe ehlezi nomndeni wkahe ngempelasonto eyedlule.

Lo mlingisis uthi wavele wayozivalela endlini encane nomndeni wakhe ngemizamo yokuwuvikela ngesikhathi ehlaselwe izigebengu kwakhe, uthi ayekwazi ukukwenza ukulunguza ngewindi amemeze ecela usizo komakhelwane.

ULanga utshele iTshisaLive ukuthi babeghlezi nomndeni wkahe bebukele umdlalo wezinyawo kumabonakude ngesikhathi amadoda angazi wa efika kwkahe ebuza umsizi wakhe ukuthi akazidayisi yini izidakamizwa. Ngesikhathi ejikiswa, indodana yakhe nesinye isihlobo sakhe bahamba bayovala isango elikhulu. Yingaleso sikhathi-ke la madoda agijima angena ngaphakathi egcekeni, ayongena endlini, akhomba nomakoti ngesibhamu.

Ngesikhathi lo mlingisi ezwa umsindo, waqoqa izingane wayizokhiyela nazo endlini encane.

"Sasizwa yonke into, bequbula i-Tv, bathatha namaselula ethu. Sezwa kuwea i-fan. kwakunesiphithiphithi nje. Sasimemeza omakhelwane ngewindi endlini encane, sifuna usizo. Akukho okunye esasingakwenza ngaphandle kokuhayiza, sasisaba, kodwa sabe sesinquma ukuba siyeke ukumemeza ngoba sasingazi noma bazodubula isicabha sethoyilethi."

Amaphoyisa aseLinden aqinisekse isigameko kwabezindaba iTshisaLive athi ayaphenya. Amaphoyisa athe athungatha amadoda amane okukholakala ukuthi ayingxenye yalobu bugebengu.

IScandal sitshengisa ngezithuba zabo-19:30 phakathi nezinsuku ngezithuba zabo- ku-e.tv.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...