UBonang uzophatha uhlelo kuma-awards amasha eMzansi Magic

2017-06-21 12:29

Cape Town – Isiteshi sikamabonakude esingaphansi kuka-M-Net, iMzansi Magic (DStv 161) sesisungule umcimbi omusha wokuklomelisa ngezindondo wakuleli, ama-DStv Mzansi Viewers’ Choice Awards nazoba ngomhlaka-26 ku-Agasti.

Ama-DStvMzansi Viewers’ Choice Awards umcimbi ozosingathwa ngokubambisana neDStv, kanti uzosakazwa bukhoma kuMzansi Magic.

Ababukeli bazothola ithuba lokuzikhethela osaziwayo ababathandayo emikhakheni eyehlukene ezobe ivotelwa kwezokulingisa, umculo, ezemidlalo, amahlaya kanye nokunye.

Umethuli wezinhlelo kumabonakude, uBonang Matheba, uyena ozophatha uhlelo emcimbini wokuqala ngqa wokuklomelisa ngezindondo, ama-DStv Mzansi Viewers’ Choice Awards.

OLUNEY UDABA: Kuboshelwe no-AKA kosaziwayo asebezosakaza kuTouch HD

Abantu bakuleli bangavota ngokusebenzisa uhlelo lwe-WeChat, iSMS kanye ne-USSD.

Uma uvota nge-WeChat ufaka i-ID ethi mzansimagictv bese uvota okungaze kube yizikhathi ezingu-100 mahhala. Kulolu hlelo kusetshenziswa ama-data.

Labo abavota ngeSMS bangathumela umyalezo onenombolo yesigaba abavota ngaphansi kwaso kanye nohlamvu lomuntu abamvotelayo (bheka amagama abaphakanyisiwe ngezansi) enombolweni ethi: 39201, isibonelo 1A, 2A.

Uma uvota ngeSMS angeke ukwazi ukuvota ngaphezu kwezikhawu ezingu-100. I-SMS ngayinye ibiza u-R1.50 kanti ama-SMS amahhala awasebenzi.

Kulabo abavota ngohlelo lwe-USSD kudingeka bathumele inombolo kanye nohlamvu lwalowo abamkhethayo (isibonelo 1A, 2A), besebenzisa u-*120*33033#.

Awukwazi ukuvota ngokungaphezu kuka-100 nakulolu hlelo. Azikho izindleko kulolu hlelo.

OyiDirector of Local Entertainment kwa-M-Net, uReneilwe Sema, uthi bafuna ukunika ababukeli babo ubusuku obusezingezingeni eliphezulu ngomcimbi owubukhazikhazi nabangasoze bawukhohlwa.

Zibonele okuphakanyiswe amagama abo ngezansi:

1. Song of The Year
A. Musa ft Robbie Malinga – Mthande
B. Black Motion – Imali
C. Bhizer ft Busiswa, SC Gorna, Bhepepe – Gobisiqolo
D. OkMalumKoolKat – Gqi
E. Prince Kaybee – Charlotte

2. TV Presenter
A. Robert Marawa
B. Pearl Modiadie
C. Phat Joe
D. Bonang Matheba
E. Thembisa Mdoda

3. Comedian
A. Skhumba
B. Summary
C. Celeste Ntuli
D. Tumi Morake
E. Mashabela

4. Rising Star
A. Amanda Black
B. Zamani Mbatha
C. Michelle Mosalakae
D. Sjava
E. Andile Phehlukwayo

5. Radio Personality
A. T-Bose
B. Tbo Touch
C. Anele Mdoda
D. Sgqemeza
E. Ba2cada

6. Actor
A. Ntokozo Dlamini
B. Warren Masemola
C. Siyabonga Thwala
D. Sello Maake Ka - Ncube
E. Themba Ndaba

7. Actress
A. Vatiswa Ndara
B. Thuso Mbedu
C. Masasa Mbangeni
D. Lorcia Cooper
E. Dawn Thandeka King

8. Music Artist or Group
A. Lebo Sekgobela
B. Black Motion
C. AKA
D. Cassper Nyovest
E. Kwesta

9. DJ
A. Black Coffee
B. DJ Zinhle
C. Prince Kaybee
D. DJ Shimza
E. Tira

10. Sports Personality
A. Caster Semenya
B. Wayde van Niekerk
C. Kagiso Rabada
D. Keagan Dolly
E. Akani Simbine


- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uyashiya kwi-RGB umsakazi

2017-07-25 16:00
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...