UBonang useyiqinisekisile eyohlelo olusha ngempilo yakhe

2017-03-17 09:30

Cape Town – Usaziwayo wakuleli ongumethuli wezinhlelo zikamabonakude kanye nasemsakazweni, uBonang Matheba, useze wayiqinisekisa imibiko yokuthi usezoba nohlelo olusha olumayelana nempilo yakhe.

Lokhu kulandela imibiko ebesisabelele yokuthi kuyimanje lo saziwayo umatasatasa nokuqopha lolu hlelo oluzokhombisa okwenzeka ngempela empilweni yakhe (reality show).

UBonang umemezele lezi zindaba ngombhalo ohambisana nesithombe enkundleni yezokuxhumana, i-Instagram.

OLUNYE UDABA: Abafuni ukuphumela obala ngohlelo olungempilo kaBonang

“Ngiyaziqhenya ukumemezela! Uhlelo lwami olusha sha ngempilo yami, I-#BeingBonang iza ku-VUZU AMP (isiteshi sikamabonakude) ngalo July! Uyilethelwa ngokuziqhenya yiBonang Matheba Entertainment kanye neBarLeader TV!! Angikwazi ukulinda ukukubonisa kancane emhlabeni wami…,” ubufundeka kanjalo umyalezo obhalwe uBonang ku-Instagram.

Lona kubukeka sengathi kuzoba ngunyaka omkhulu kule ntokazi njengoba kulindeleke nokuthi iqale maduze ukutholakala ezitolo incwadi okuthiwa ayishiyi lutho okumayelana nempilo yalo saziwayo.

Ngaphambilini kuleli sonto kuphinde kwamenyezelwa ukuthi ungelinye lamanxusa eCourvoisier Cognac.

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...