UBonang ugubha ukuba nabalandeli abangu-1 000 000 kuFacebook

2017-02-01 10:01

Cape Town – Usaziwayo wakuleli ongumethuli wezinhlelo emsakazweni kanye nakumabonakude, uBonang Matheba, usephinde wafinyelela kwesinye isicongo.

Lo saziwayo ugubhe ukufika esibalweni sabalandeli abangu-1 million enkundleni yezokuxhumana ekhula ngesivinini, uFacebook ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: Sekuputshuke imiyalezo kaBonang egxeka uMinnie Dlamini

“Ngibonga angiphezi,” kubhala lo saziwayo kuFacebook.

Impumelelo yalo saziwayo iyaqhubeka nokudlondlobala kanye nokuzuza izinto ezahlukene njengoba muva nje ubesanda kufakwa kwikhava yephephabhuku laphesheya i-Afropolitain.

Ngaphezu kwalokho usanda kunikezela nangemifundaze eyishumi kubafundi abazofunda esikhungweni semfundo ephakeme.

Buka imifanekiso ngezansi:

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...