UBoity usengene esikhundleni sikaMinnie ohlelweni lwezemidlalo

2017-05-12 12:30

Johanneburg -  Ubuhle nenjabulo yikhona ebekuhamba phambili emcimbini wangoLwesine ebusuku ngesikhathi kumenyezelwa igama likaBoity Thulo njengomethuli omusha kanye nesazi sezinkundla zokuxhumana ohlelweni iNedbank Ke Yona, kubika iTimeslive.

UBoity ukhethwe ngemuva kohlelo lokuthungatha umethuli omusha ozothatha izintambo kuMinnie Dlamini osesebenze ngaphansi kwalesi siskhundla amasizini amane.

Le ntokazi yakwaThulo isanda kuthatha umsebenzi wokwethula uhlelo olusha lwezimoto olwaziwa njengeChange Down, ithi kuyayijabulisa ukuthola amathuba amahle njengalawa.

“Sesiwuqalile umsebenzi we-Change Down futhi kumnandi ngendlela emangalisayo. Ngicabanga ukuthi abantu ababoni ukuthi izinhlelo ezifana nalezi yizona ezishintsha impilo futhi nami ngafuna ukuba khona uma kushintshwa impilo yabantu abasha ibe ngcono kakhulu,” kusho yena.

Le ntokazi itshele abe-TshizaLive ukuthi ngeke iliyeke ithuba elihle lokuba ifunde futhi ithuthukise ulwazi enalo.

OLUNYE UDABA:OkaDlamini usejoyine iSupersport

UBoity uthi ufuna ukugxila ekuqiniseni ulwazi analo kwezokungcebeleka kanye nempilo kunokuthi agxile kwezemidlalo uqobo ngoba lokho kudinga umuntu oyingcweti kulo mkhakha.

“Ngiyacabanga ukuthi bakhethe mina ngoba bebone indlela engiziphatha ngayo ezinkundleni zezokuxhumana futhi yilokho engizoqinisa kukhona; ukufundisa abantu ukuziphatha emphakathini nezindlela zokwenza izinkundla zokuxhumana zikusebenzele,” ksuho yena.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...