UBoity nomama wakhe basinde engozini yomgwaqo eMpumalanga

2018-01-07 11:03

EGoli - Intokazi yakuleli uBoity Thulo ibandakanyeke engozini yomgwaqo ihamba nomama wayo bebuya eholidini, kubika iSunday World.

UThulo nomama wakhe, basinde engozini yomgwaqo ngesikhathi beshayiswa yimoto ebihamba ngesivinini esikhulu phakathi kwePiet Retief neNaspoti ngoLwesithathu.

Laba bebebuya eholidini lomndeni eMozambique ngesikhathi bethola le ngozi.

OLUNYE UDABA: ISITHOMBE: Kudala ayefuna ukuba kulo mkhakha uBabes Wodumo

Lo saziwayo uthe ubunga uNkulunkulu ngokuthi yena nomama wakhe basindile kulesi sigameko futhi abazange balimale.

"Besilandelwa yimoto ebihamba ngesivinini esikhulu kanti kuneloli ngaphambili, ngakho-ke umnikazi wale moto akakwazanga ukusindlule wangena kuthina,"kusho uThulo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...