UBlack Coffee uthenge indawo yokujuxuza ethandwa kakhulu kuleli

2017-06-20 19:32

Soweto – UDJ ohlonishwa kakhulu emhlabeni wonke jikelele uBlack Coffee usethenge indawo yokujuxuza ethandwa kakhulu eSoweto, kubika iSunday Sun.

UBlack Coffee obuye abe ngumnikazi wenkampani eqopha umculo iSoulistic Music uthenge iZone 6 Venue.

IZone 6 ingenye yezindawo ezidume kakhulu futhi nethandwa kakhulu ngokuphatha imicimbi ehamba phambili kuleli.

U-Amaru Da Costa ongumphathi kaBlack Coffee uthe: “ Sijabule kakhulu ngokuthola lendwa kodwa okusithokozisa kakhulu wukuthi sisazoqhubeka nokwenza umsebenzi oncomekayo kule mboni nokuyisona sizathu esenza sathatha isinqumo sokutshala imali kule ndawo.

OLUNYE UDABA:U-DJ Black Coffee ushiye angalazi ngama-Metro FM Awards

UDa Costa uthe zincane izinguquko ezizokwenziwa mayelana nokuphathwa komsebenzi kodwa okunye kuzoqhubeka njengokujwayelekile.

Le ndawo isihlele imicimbi yabaculi abafana no-AKA, Black Motion, Cassper Nyovest, KO, Kwesta, Shimza futhi yaphatha nemicimbi efana ne-Sprite Uncontainable kanye namakhonsathi ahlelwa yiMTV Base. 

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...