UBlack Coffee unikele ngo-R200 000 esikoleni ayefunda kuso

2017-05-17 19:32

Johannesburg - Isihlabani somculo we-houes, uDJ Black Coffee, unikele nge-laboratory yamakhompyutha yemali elinganiselwa ku-R200 000 kanye namakhompyutha angu-20 esikoleni ayefunda kuso.

UNathi Maphumulo odume kakhulu ngelikaBlack Coffee uye esikoleni iZimele High elokishini eKhwezi eyovula le lebhu izolo (ngoLwesibili).

OLUNYE UDABA: Odume ngokukhuluma uncome u DJ Black Coffee

Owayenguthishanhloko wesikole uVuyelwa Hady waxhumana nalo DJ ngocingo ecela usizo. Lo DJ akazange abemanqikanqika ngokubuyisela okuhle endaweni eyamenza lo muntu anguye namuhla.

"Angifuni intsha yanamuhla ihlupheke njengathi. Lesi yisona sizathu esenze ukuba nginikele ngala makhompyutha nangegumbi lawo. Umuntu kufanele ahlezi ekhumbula lapho asuka khona," usho kanje tshela iDispatch Live.

UBlack Coffee uvakashele lesi sikole ehamba nomama wakhe, uSindiswa Dandala, othe wayehlezi ethandazela ukuthi indodana yakhe ihlale izithobile.

IVIDEO:

 - Daily Sun

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...