Ubhekwe ngabomvu umcimbi ozoba seBlue Lagoon ngoMgqibelo

2017-11-24 16:00

eThekwini - Ubhekwe ngabomvu umcimbi ozokwandulela imicimbi emikhulukazi eThekwini, lo mcimbi owaziwa ngeBring Summer Back uzobanjelwa eBlue Lagoon kusasa, ngoMgqibelo.

Uzobe ungowukuqala ukuba khona nokulindeleke ukuthi ube minyaka yonke njengoba kulindeleke ukuthi uhehe nezivakashi eziphuma kwezinye izifundazwe.

Omunye wabagqugquzeli balo mcimbi uVusi Leeuw unxenxe abantu ukuthi bephume ngobuningi babo ukuzobona ingqophamlando eThekwini, waphinde waveza ukuthi bazonika abaculi abasafufusa ithuba lokuthi bazibonakalise nabo.

Ngalo lolu suku futhi iqembu elisematheni kulezi zinsiku iDistructio Boyz lizokwethula icwecwe lalo kwazobe behambele lo mcimbi.

“Lo mcimbi ungowukuqala kanti sizimisele ukuthi sinike abantu baseThekwini into ecokeme kakhulu, ngeke sibashiye ngaphandle abaculi abasafufusa njengoba nabo bezothola ithuba lokuthi bazibonakalise kubantu abazobe bethamele lo mcimbi. Sizimisele ukuthi ube minyaka yonke, uyafana nokuthi wandulela imicimbi emikhulukazi ozokuba kueli dolobha,” kusho uMnu Leeuw.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Ubuwubukhazikhazi umcimbi womlingisi odumile wokwamukela ingane

Kuwo lo mcimbi uhlelo luzobe luphethwe ngosaziwayo abahlukene okubalwa kubo uNomalanga ongumethuli wezinhlelo kumabonakude obuye aphinde abe ngumsakazi weGagasi Fm, uKay Sibiya, uNtando Duma kanye nabanye.

Kuzobe kuboshelwe abaculi noDJ abanohlonze okubalwa kubo iDistruction Boyz okuyiqembu elishisa izikhotha kulezi zinsuku, uBabes Wodumo, uLady Zamar, uBenny Maverick, uRicky Rick, DJ Happygal, iMajor League DJs kanye nabanye.

Amathikithi ayathoalakala eComputicket ngo-R150 kanti awezicukuthwane athoalakala ngo-R350. Amasango avulwa ngo-12:00 emini.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...