Ubengomunye wabasakazi boKhozi FM umengameli wethu

2016-10-22 18:38

Durban - Umengameli uJacob Zuma uthathe isikhathi sakhe wayeka umsebenzi yakhe, wayosakaza uhlelo lwamaculo endabuko olushayelwa ngabasakazi, uNgizwe Mchunu noBheka Mchunu, kuKhozi FM.

UZuma uphinde wasebenzisa leli thuba ukucela izakhamuzi zakuleli ukuba bawazise futhi bawagcine amasiko abo.

Bekungokokuqala umengameli eshayela uhlelo, edlala uhlu lwamaculo awathandayo namuhla emsakazweni.

UZuma udlale amaculo angu-10 awathandayo okubalwa kuwo; akaMfiliseni Magubane, uPhuzekhemesi neMithente.

Umengameli uthe umculo wendabuko uchaza kahle ukuthi bangobani abantu, amasiko abo nemvelaphi yabo.

"Uma ungumuntu kufanele uyazi imvelaphi yakho, uyikhumbule, ukhulume ulimi lwakini, uziqhenye ngalo namasiko akho."

 ISITHOMBE NEVIDEO:

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 13-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-25°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C a few showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...