UBen 10 usebaxove wabaqeda onontandakubukwa bakuleli

2017-07-09 13:02

Durban - Usezakhele igama njengesoka lamanyala usomabhizinisi waseGoli uNico Matlala.

Lo womabhizinisi ubashintshisa okwamasokisi osaziwayo bakuleli kanti manje usevele waqhatha abangani.

Ngonyaka odlule, lo somabhizinisi wayethandana nomculi uKB, kodwa akuphelanga nezinyanga ezitheni zabheda izinto, yalahlwa intombi.

Usuke lapho waqonda kumama wengane kaSomizi uPalesa Madisakwane.

Uzihlehlele yena lo somabhizinisi kule ntokazi ekhala ngokuthi lo sisi usekhulile kunaye kanti futhi ufuna ukumlawula.

Ngokubika kwephephandaba iSunday World ngesonto eledlule, kuthiwa lo somabhizinisi wathi ufuna ukuthandana nontanga ngoba ngathi kunzima kodade asebakhulile.

Gwiqiqi sekuvela ukuthi uPalesa nomngani wakhe omkhulu uWinnie Ntshaba owayedlala indawo kaKhethiwe kuGenerations kabasabhekani.

OLUNYE UDABA:UBen10 uthembise usaziwayo umshado

Kuthiwa laba bangani ababe ngamathe nolimi abasazwani nhlobo kanti indaba iqale ngalo leli soka.

UPalesa usola uWinnie ngokumudla izithende njengoba wayesevakashela leli soka lakhe yena engazi.

Kuthiwa wuPalesa owazisa umngani nesoka ngoba lo mngani wayefuna uxhaso lwezimali ngebhizinisi lakhe.

Useyamangala-ke uPalesa esezwa amahemuhemu wokuthi uWinnie unyonyobela leli soka yena engazi, kubika iSunday Sun.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...