Ubashiye bengawuvali umlomo uSkolopad efika emcimbini egqoke ingubo 'eyenziwe ngamasoseji'

2017-11-10 11:04

Cape Town - Unontandakubukwa wakuleli ophinde abe ngumculi uNonhlanhla "Skolopad" Qwabe ushiye abantu bengawuvali umlomo kulandela ukufika kumaFeather Awards egqoke ingubo "eyenziwe ngamasoseji" ngoLwesine ebusuku.

USkolopad, osebenza njengomhlengikazi, uphinde waqokelwa emnxeni weSocialite of The Year.

Esegcwalisela ukuthi kungani ehlabene nale ndondo, uSkolopad ufike kulo mcimbi egqoke ingubo eyenziwe ngocwazi yase iba nezikhwanyana obekugxishwe kuzo amasoseji ukuze afihle izindawo ezibucayi.

OLUNYE UDABA: Nali iqiniso ngowesifazane ‘obenqunu’ kuma-Metro FM Awards

Ngasemuva, le ngubo ibilenga umsila owenziwe ngendwangu elula. Ube eseqedela lo mswenko ngokuphatha "isikhwama" samalahle.

Ekhuluma ngesikhathi etheleka kulo mcimbi echaza ngomswenko wakhe, uthe ubefuna abantu kubacacele ukuthi akayithandi "inyama yenkomo", kepha uncamela amasoseji.

Lokhu kulandela ukuthi abantu abaningi bezwakalisa ukuthi uSkolopad noZodwa Wabantu bayinkukhu nempaka.

Ngokuhamba kwesikhathi uSkolopad ube esegqoka ingubo yesibili ebibomvu, inomqhewu ofika ethangeni.


Outfit number 2 @vasilisa_skolopad #featherawards2017

A post shared by Channel24 (@channel24_sa) on

- Channel24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-27°C Numerous showers. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 22-28°C Showers late. Haze. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...