Ubashiye befuna impinda uZodwa Wabantu emcimbini

2017-12-28 09:33

eThekwini - Ibithe chithi saka imicmbi eThekwini kuleli sonto, nakuba lesi sikhathi saziwa ngesikhathi sokuthi amaholidi nomndeni kodwa abantu bakhethe ukuya nemndeni yabo ebumnandini.

Bebephume ngobuningi babo abantu emcimbini obuwenziwe uDj Sox eYadini eMlazi ngo Khisimusi,lo mcimb9i owaziwa nge-Durban Underground obuvame ukuba se-Virgin Airport, kwabadla izambane lapondo eDurban North.

Kulokhu ukhethe ukuwuletha elokishi futhi nabantu bakuthakasele kakhulu lokhu njengoba uze waphela sekuyogamanxa ihora lesi-4 ekuseni.

Osaziwayo abebenandisa kubalwa kubo uDJ Tira, Babes Wodumo, Dj Bongz, Junior De Rocka kanye nabanye.

UDj Sox ubonge bonke abantu ebebehambele lo mcimbi ngokumeseka,njengoba bekukhona nesinye seziteshi zamabonakude ebesisakaza usukulonke kule ndawo.

OLUNYE UDABA:Omunye umculi oselaxaze iMabala Noise

Buphinde baqhubeka ubumandi ngakusasa, lapho izinkumbi zabantu ziphume ngobuningi bazo zathamela umcimbi, okhula minyaka yonke owaziwa nge-Braai Day obuse Peoples Park Moses Mabhida ngoLwesibili.

Lo mcimbi unesitayela esihlukile njengoba abantu befika nemindeni yabo, kunezindawo zokosa inyama kanye nezokudlala izingane.

UZodwa Wabantu wenze ezibukwayo kulo mcimbi ngesikhathi engena ebizwa uDj Tira, abantu bamuthakasele kakhulu ngesikhathi ese-twerka.

Abantu bambondelane phambili kwasukuma nesnedolo befuna ukuzibonela ngamehlo imigilingwane eyenziwa ilentokazi edume ngemidanso yayo, eheha abesilisa njengoba ingadilozi nhlobo.

Kuke kwaba khona isiminyaminya ngesikhathi esenza lemidanso yakhe, bonke abantu bakhipha omakhalekhukwini beshutha lentokazi esanda kuba sematheni esontweni eledlule,njengoba ishuthe izithombe ingaqokile yaziphanyeka kwi-instagram yayo. 

Kulo mcimbi bekunandisa, uProffeser odedele amanoni akhe akudala kwachwaza izihlwele ,Dj Tira ongene ehambisana noTipcee abagcine sebegcwala isteji neqembu elishisa izikhotha kulezinsuku iDistruction Boyz, umcimbi uvalwe iqembu leMicasa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...