Ubashiye befuna impinda abalandeli eThekwini uCassper

2017-04-18 11:02

Durban - Ubahlanyise nge"Tito Mboweni" uCassper kowe-3rd Annual Durban Picnic obuseMoses Mabhida, e-Peoples Park eThekwini, abathandi bobumandi wabashiya befuna impinda. 

Lo mcimbi ungowesithathu kulo nyaka njengoba waziwa ngokubophela abaculi abangaconsi phansi, uphinde ube nendawo yezingane  lapho zizithokozisa khona ngemidlalo eyahlukene.

Abaculi bashiyelane inkundla kwacishe kwaphuma ilanga ekuseni njengoba bekulindeleke ukuthi uphele ngezithuba zabo-00:00.

OLUNYE UDABA:Balivale ngobumnandi iPhasika abazifela ngabo eThekwini

UCassper Nyovest ucule ezinye zezingoma zakhe ezithandwa kakhulu kodwa kushintshe igiya esecula ingoma yakhe esematheni kulezi zinsuku, esuse umsindo ebizwa ngeTito Mboweni, wavele wenza okungajwayelekile. 

Omunye wabalandeli obehambele umcimbi ufune ukungena esiteji ngenkani ngesikhathi kunandisa uCassper esecula yona le ngoma. Onogada bazame ukumuvimba kodwa lo mculi wavele wabatshela ukuthi abamyeke angene esiteji wacula kanye nabo.

Le ngoma isifinyelele kwisigidi -1 milllion ku-You Tube kungakapheli ngisho inyanga iphumile.

Abanye babaculi abebe nandisa nguL'vovo oshukumise inkundla ngengoma yakhe ethi ama-Tin-Tin ,uProfessor, uCrazy White boy, uKid X, uKwesta, u-OkMalumKoolKat noRicky Rick.

ODj abebenandisa nguDj Cndo, uDj Wable kanye neDestruction Boyz ebidedela igqomu lodwa. 

ISITHOMBE: Mlungisi Mbele

Image may contain: 2 people, people smiling, people on stage and people standing

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...