Ubambo lwakhe walithola ohlelweni alushayelayo owe-OPW

2017-08-29 16:02

Durban - UThembisa Mdoda okunguyena oshayela uhlelo lwemishado oluthandwa kakhulu kuleli i-Our Perfect Wedding usanda kumemezela ukuthi uyalushiya lolu hlelo.

Le ntokazi ithi lolu hlelo alumlethelanga udumo kuphela kodwa usethole nothando.

"Ngithole uthando ku-Our Perfect Wedding. Sithokoze kakhulu nesithandwa sami futhi sihlela ikusasa lethu sindawonye," kusho yena.

Le ntokazi ithi kuyinto enhle kakhulu futhi nesoka liyindoda eyithokozisayo, uthi akuvamile ukuthi athole umuntu endaweni asebenzela kuyona futhi amthande ngale ndlela.

OLUNYE UDABA:Bayanda abagxeka isiqephu sayizolo se-Our Perfect Wedding

UMdoda osanda kuthola izindondo ezimbili emcimbi wokuqala amaDStv Mzansi Viewers' Choice Awards ngoMgqibelo ebusuku uthi usematasa nomsebenzi omusha njengoba eseshiyile kulolu hlelo.

"Kunefilimu engiyenzayo. Yize kuyifilimu yami yesibili, kulokhu yimina umlingisi ohamba phambili," kuqhubeka yena.

Le ntokazi ithi isebenza nabantu abasezingeni eliphezulu kodwa ngeke ikwazi ukudalula okuningi ngalo msebenzi okwamanje.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...