Ubahambele kahle umcimbi weGqomu abathembisane umshado besazijuxuza

2018-04-27 09:34

eThekwini - Kume nse ukuzijuxuza, kwaqhuma inhlokomo emumva kesteji, ngesikhathi izithandani zithembisana umshado emcimbini weGqom.

Zize zahalaliselwa ngunkosikazi kaDj Tira uGugu Khathi kanye noBabes Wodumo.

Lokhu kwenzeke enxanxatheleni yezitolo ePavallion Mall eWestville, entshonalanga yeTheku ngoMgqibelo ebsuku, emcimbini obubhekwe ngabomvu iGqom in Concert.

Lezi zithandani bezimi ngemumva lapho ebeukungena khona abaculi esteji, ngemuva kokuba uBbaes Wodumo eqede ukunandisa.

UMxolisi Sithole oneminyaka engu-22 ubudala uguqe phans kwamadolo ku-Amahle Chonco, 23, emcela ukuba amshade.

Kuthuke wonke umuntu lensizwa isiguqa ngedolo ikhipha indandathuo ekhukhwini, kwaqhuma ihlombe nekhwela, kuhalaliselwa lezithandani ezihlala KwaNdengezi entshonalanga yeTheku.

USithole utshele leli phephandaba ukuthi ukwenze lokhu enganakile ukuthi kukhona lezihlabani eduze kwabo.

“Bengilende leli thuba ukuthi ngimcele ukuba angishade nasekhaya bazothuka uma sengibatshela, ngimuthanda kakhulu umuntu wami hlezi sindawonye. Nosuku lomshado bengaka lucabangi, kodwa kuzoba maduzane ngoba ngiyamthanda muntu wami sengifuna ukuba naye njalo” kusho uSithole. 

OLUNYE UDABA:Liphinde lahlehla icala elibhekene no-Arthur Mafokate

UBabes wodumo kanye Gugu Khathi baqale bathuka bebona lensizwa iguqa ngedolo,bagcine bebehalalisela bezwakala bethi “ wow guyz ,we happy for you, wow that’s nice besingaboni nokuthi nenzani” okuchaza ukuthi bayabahalalisela futhi bajabule ngalokhu abakwenzile.

Kuphele imizuzuz eyevile kweyi-15 bemi nabo bekhuluma. Ububona ebusweni ukuthi  babajabulele ngendlela emangalisayo.

UNksz Chonco ubejabule kakhulu ,kwaze kwehla nezinyembezi elokhu emsondeze eduze uSithole embuka emehleni emtshela ukuthi umthanda kangakanani.

Lo mlisa uthi yonke imicimbi basuke behamba ndawonye, wathi noma sebeshadile bayohlezi bendawonye.

Lezi zenzo zokuthembisana umshado emcimbini sekuyinsakavukela njengoba kuke kwenzeka phambilini ezindaweni zobumnandi okubalwa eMax lifestyle kanye naseYadini eMlazi.

Umcimbi uze waphela sekuyogamanxa ihora lesi-12 ezintathakusa, iDistruction boyz ivale umcimbi ngegiya eliphezulu.

Kwaqhunyiswa i-champagne becula kanye no-Tipcee namadada kanye neqembu, laseGoli elidume ngemfashini elaziwa nge-Material Boyz.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...