UBabes Wodumo usolwa ngokweba iculo- Gandaganda

2017-09-03 13:24

Durban - ODJ ababaili abazinze eThekwnini, uLuvuyo "DJ Luvas" Njeje noLungelo "Pluto" Ntombela, basola umculi wakuleli, uBabes Wodumo ngokweba iculo labo, elithi Gandaganda.

Kuleli sonto, uBabes Wodumo, ogamalakhe lokuzalwa nguBongekile Simelane, ufake ivideo ezinkundleni zokuxhumana, ayecela kuyo usizo kubalandelai bakhe ngokutholiselwa nge-USB eyayiqukethe umculo, ineculo elithi Gandaganda elingakaqedwa ukudidiyelwa.

UBabes Wodumo wacela abalandeli bakhe ukuba balikhiphe leli culo kwi-internet ukugwema ukuba liputshuke ngaphambi kokuba likhishwe ngokusemthethweni.

Iningi labantu lalinesiqiniseko sokuthi wayebazisa ngalo iculo ngaphambi kokulikhipha, ikakhulukazi ngesikhathi esememezele ukuthi useyitholile i-USB.

OLUNYE UDABA:Nakhu okwenze uBabes Wodumo kukhulunywe ngaye ngapha nangapha

NgoLwesithathu, walikhipha iculo kuma-iTunes.

UNjeje utshele abezindaba iCity Press ukuthi wayezama ukugqiba le ndaba.

"UBabes uyalazi iqiniso. Igama leculo nobude balo kufana nse nokwethu; okuhlukile isigubhu namagama. Webe iculo lethu, elakhishwa ngomhlaka-6 Ephreli," kusho uNjeje.

UBabes watshela abalandeli bakhe ukuthi iculo selizwakele lidlala eThekwini, eSouth Beach.

UBabes wacela ukuba onelink yeculo amthumelele yona ukuze ezozama ukuyicisha.

UNjeje ephawulo ngokwashiwo wuBabes Wodumo, uthe "akangabazi ukuthi wayekhuluma ngeculo labo.

"Sizidayisela thina ama-CD emarenki amatekisi. Yiyona ndlela esizakhela ngayo igama," usho njalo.

Abephephandaba iCity Press bathumelela amaphrojusa amathathu omculo, angathandanga ukudalulwa amagama abo, womabili amaculo; esiqediwe ukudidiyelwa nengakaqedwa. Bonke labo phrojusa baqinisekisile ukuthi iculo liyefana.

Okhulumela uBabes, uSarit Tomlinson weCapacity Relations, ukuchithile lokhu wathi "amanga aluhlaza cwe" ukuthi ikhasimende lakhe lebe iculo elithi Gandaganda.

Yize kunjalo, omunye wala maphrojusa uthe: "Leli culo lingamanye amaculo aculwa izingane enkulisa, ngakho alinamnini. Ngeshwa, abafethu balelwa into engekho."

U-Eugene Golouw, okhulumela iSouthern African Music Rights Organisation (Samro),ukuqinisekisile ukuthola i-email ephuma kuNjeje ngoLwesibili. Kuyo, uthi iculo elikhishwe wuBabes ngelakhe noNtombela.

UGolouw, uthe iculo elithi Gandaganda alibhalisiwe kwaSamro njengeculo lalabo DJ.

"Sibathumelile imininingwane yomgomo ecacisa ukuthi yini okufanele basithumelele yona, kanjalo nobufakazi ukuze kuzolandelwa imigudu efanelekile," usho njalo.

NgoLwesine, iSamro ithole umbiko ovela kwi-West Ink Holdings ngeculo - Gandaganda.

UGolouw uthe iSamro isalinde ukuthola umbiko ovela kuNjeje noNtombela. 

"Umbiko ovela enkampanini iWest Ink Holding iveza ukuthi uBabes ungomunye wababhali beculo iGandaganda," usho njalo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...