UBabes Wodumo uphika eyokutusa isidakamizwa

2016-09-29 19:30

Durban – UBongekile “Babes Wodumo” Simelane uthi abantu bayathanda ukuhlanekezela inkulumo bayizwe ngendlela abafuna ukuyizwa ngayo.

Ukusho lokhu ngemuva kokuqubuka komsindo ngengoma yakhe entsha ethi Mercedes.

Abantu bakhala ngokuthi lo mculi utusa isidakamizwa esabulala intsha KwaMashu ngasekuqaleni kwalo nyaka.

Sekuphinde kwavela ukuthi kukhona nomunye umgwinyo obizwa ngeMusic.

OLUNYE UDABA: Kubikwa ukuthi kunombango ngoBabes Wodumo

Izinhlamvu zeculo likaBabes zikhuluma “ngokubanjwa yiMercedes noMusic”, kepha yena uyaphika ukuthi usuke esho izidakamizwa kule ngoma.

“Mina ngicula ngeMercedes imoto, okuyiphupho lanoma yimuphi umuntu osakhula ukuba nayo. Abantu bayathanda ukungikhulumela.

“Zolo lokhu bebethi mina ngizoshada noMampintsha, okuyinto engingayazi mina,” esho.

Thola udaba oluphelele ephephandabeni iSolezwe.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 17-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...