UBabes Wodumo ungomunye wabaculi abazobhula amazolo emcimbini we-Migos

2017-10-09 16:00

Durban - Akusensuku zatshwala ukuthi litheleke kuleli iqembu laseMelika elithandwa umhlaba wonke elicula uhlobo lomculo owaziwa nge-trap music, i-Migos.

Umcimbi waleli qembu ubhekwe ngabomvu kanti kuthiwa lizobhlelwa amazolo ngabaculi bakuleli abangaconsi phansi njengoba uhambo lwabo luzoqala edolobheni laseThekwini.

IMigos efika kwazwakala kwezomculo ngestayela sokugqoka nangendlela abacula ngayo, yakhiwe ngamalunga angu-3 okungu-Quavo, Takeoff no-Offset.

OLUNYE UDABA:Uqinisekise ukuhlukana nomyeni wakhe oyijaji kuma-Idols

Leli qembu lizakhele udumo ngesikhathi lifika kwezomculo ngo-2009 lawola izindondo okubalwa i-YouTube Music Award (2015), BET Award for Best Collaboaration kanye (2017)  ne-BET Awrd for Best Group (2017).

Lizoqala eThekwini ngomhlaka-20 Okthoba, lidulele eGoli ngosuku olulandelayo.

Amathikithi athengwa ubuthaphuthaphu eTicketpro njengoba eqala ku-R350 (uwonkewonke), R690 (Golden Circle).

Leli qembu lilethwe IMabala Noise ngokubambisana kanye ne-MTV Base(DSTV 322), BET Africa, YFM kanye ne-Gagasi FM.

Abaculi abazobe benandisa kubalwa u-Babes wodumo, Ricky Rick , AKA, Du Boiz, Dj Tira kanye no  Nasty C & Gigi abangaphansi kwesitebele iMabala Noise.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...