Ubaba wayengamsindisa uLundi - Sechaba

2017-02-20 11:02

Johannebsurg - Kubikwa ukuthi owesifazane obezwana nomculi wowokholo ongasekho emhlabeni, uLundi Tyamara, walwisana noSechaba Pali, naye ongumculi, emsola ngokuthumba lo mculi ngesikhathi esagula.

UThobeka Sogwagwa, ubudlelwane bakhe nomufi obungaqondakali, kusolwa ukuthi wabambana ngezandla noSechaba ngemuva kokumnqabela ukuthatha uLundi emzini wakhe oselokishini iKatlehong ngoDisemba.

ULundi wayekhulekelwa ngubaba kaSechaba, uJohannes, ngesikhathi sesigameko.

Lesi sigameko saphenduka ingxabano enkulu njengoba uSogwagwa waze wabizela uSechaba amaphoyisa esola lo mculi ngokuthumba uLundi.

USogwagwa kusolwa ukuthi wambathisa uLundi ingubo yokulala wamfaka emotweni yakhe wakhala amaphepha naye bebheke emzini wakhe ose-Edenvale, eKurhuleni.

OLUNYE UDABA: Uphume ngembobo yenaliti uSechaba

Owesifazane okusolwa ukuthi wayehlezi enoLundi esibheldlea kwaze kwafika ekugcineni, unqabile ukuphawula.

USechaba ukuqinisekisile ukuthi wayelwa noSogwagwa kubangwa uLundi nokuthi wabizelwa amaphoyisa.

USechaba ekhuluma nabeSunday World ocingweni uthe washayela ucingo uSogwagwa ecela ukuthi abuyise uLundi emzini wakhe ukuze ezokhulekelwa ngemuva kokuzwa isimo sakhe sempilo.

"Ngakwenza lokho ngoba ubaba wami wayefuna ukumthandazela. Wafika emzini wami ephethe uLundi ngezandla zakhe. Wathi uLundi akasadli futhi akasaphuzi lutho," esho.

USechaba uthe uSogwagwa wabeka uLundi embheden,i ubaba wakhe wabe eseqala ekhuleka.

Le nkakha yomculo weGospel ithi yavele yamangala isibona amaphoyisa ngaphandle.

USechaba uthe uLundi ngabe usaphila ukuba waluthola usizo olufanele.

Ubaba kaSechaba uJohannes, uthe: "Umsebenzi wami ukukhuleka nokusindisa abantu. Ngamkhulekela wadla waphuza amanzi, okuyinto abengasayenzi ngaphambi kokuthandazelwa.

Thola udaba oluphelele kuSundayWorld.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...