Ubaba kaSenzo uthi uKelly ‘wabamba’ indodana yakhe ngesisu

2016-09-30 18:01

Johannesburg – Kubukeka sengathi abasoze bathelelana amanzi uKelly Khumalo nobaba kaSenzo Meyiwa, uSam, njengoba sekuvele okunye manje.

UKhumalo wamangaza abaningi ngesikhathi evele ohlelweni luka-Anele Mdoda, iReal Talk‚ ethi umndeni kaMeyiwa awusoze wayibona indodakazi yakhe noSenzo, kubika iSowetan.

 “Ubaba kaSenzo akangihloniphi futhi uhlezi ekhuluma izinto ezingezinhle ngami esidlangalaleni. Abakhohlwe nje ukuthi bayoke bayibone ingane yami,” kusho uKhumalo kulo hlelo.

OLUNYE UDABA: Ubaba kaMeyiwa usephinde wagadla futhi kuKelly

USam waphendula wathi uKhumalo noma anganqaba ukuthi babone umzukulu wakhe, kepha uyothi uma esekhulile abafune abantu bakubo.

“Asinandaba nakho konke okushiwo yile ntombazane yakwaKhumalo. Umzukulu uyosifuna aze asithole uma esekhulile. Vele uKelly wakhulelwa ngoba efuna ukubamba uSenzo ngesisu,” kusho uSam ekhuluma nephephabhuku iMove!

USam uqhube ngokuthi kuningi uKhumalo akufihlayo ngokubulawa kwendodana yakhe.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 5-18°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Cool. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-21°C Sunny. Cool. PE: 12-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...