Ubaba kaSenzo uthi uKelly akayeke ukuqamba amanga

2017-08-29 14:02

Durban - Umculi uKelly Khumalo ube nekhonsathi eGoli ngesonto eledlule ngaphansi kwesihloko esithi Up Close and Personal With Kelly Khumalo.

Kule khonsathi lo mculi uveze indlela isoka lakhe uSenzo Meyiwa elashona ngayo lizama ukumvikela kungena izigebengu ekhaya kubo.

Lezi zigebengu zafika kubo kaKelly ehlezi noSenzo kanye nabangani. Uthi ngesikhathi abasolwa bengena endlini, wabaleka waya ekamelweni likadadewabo, ngesikhathi esacashe khona wezwa kukhona umuntu odusha umnyango ezama ukuwuvula.

Ebona isoka lakhe, uthi wayecabanga ukuthi lizomvikela, kodwa wabona lopha esifubeni nasemhlane.

“Yilapho engabona khona ukuthi udutshuliwe,” kusho uKelly.

OLUNYE UDABA:Sekuphele iminyaka emithathu uKelly Khumalo ehleli “ngentombi”

Konke lokhu akuhlalanga kahle neze kubaba kaSenzo.

“Ngelinye ilanga bonke laba ababekhona kubulawa indodana yami bazoziphendulela phambi kukaNkulunkulu,” kusho uSam Meyiwa, ongubaba kaSenzo.

Uthi lo baba uselahlekelwe yithemba ngesiphetho salolu daba.

“Angisenalo ithemba ngalolu daba kodwa engikwaziyo wukuthi indodana yami ayizange izibulale, yabulawa,” kuqhubeka yena.

USam uthi lo mculi unesibindi sokumthumela incwadi ebuya kubammeli bakhe emxwayisa ngokuthi ayeke ukuphatha igama lakhe.

“Le ncwadi yipheshana nje elingeke lingivimbe ekubeni ngikhulume ngaye ngoba naye uyaliphatha igama lendodana yami uma ekhangisa umculo wakhe,” kusho uSam.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...