Ubaba kaPearl Thusi akajabulile neze ngomndeni wakwaMarawa

2017-01-08 18:38

Durban - Basothandweni osaziwayo ababili, uRobert Marawa ongumethuli wezinhlelo kumabonakude nasemsakazweni noPearl Thusi ongumlingisi.

Kodwa kuzwakale ukuthi ubaba kaPearl, uBhekizizwe Thusi ongusomatekisi eThekwini, udinwe ugane unwabu ngoba uMarawa ubengakawakhiphi amalobolo.

Leli phephandaba, iSunday Sun libika ukuthi konke kubukeka kuhamba kahle phakathi kwalezi zithandani kodwa ubaba kaPearl uthukuthele futhi uphoxekile.

OLUNYE UDABA: "Umyeni" kaPearl Thusi: Ngabe washonaphi uMadluphuthu?

Ubaba kaPearl usola umndeni wakwaMarawa ngokungabi nanhlonipho.

Uthe bayayiziba eyokukhiphela indodakazi yakhe amalobolo

Mnz Thusi utshele iSunday Sun ukuthi: "Umndeni wakwaMarawa wenza sengathi uPearl usengumakoti khona. Kodwa imindeni ibingakaze ihlangane ngokwesintu.

"Namanje ngisawulindile umndeni wakwaMarawa ukuthi uzoqala izingxoxo zamalobolo."

Lo somatekisi uphidne wathi: "UPearl wangitshela ngesethembiso somshado kodwa akasosho ukuthi umndeni wakwaMarawa uzihlelele luphi usuku lokhukhishwa kwamalobolo."

"Emndenini wami, ilobolo liyakhishwa. Uma selikhishiweke indodakazi yami isingaba umakoyi wakhona.

"Engikubonayo ukuthi lo mndeni ungithatha kancane njengoba yise kaPearl," usho njalo.

Kodwa lo somatekisi uthe akahlelile ukushayela ucingo umndeni wakwaMarawa acele ilobolo.

"Kungani kufanele kube yimi oya kubo?"

"Bayazi ukuthi izinto sizenza kanjani njengabantu bamasiko. Bayazi ukuthi kufanele benze okufanelekile.

"Futhi abakwMarawa bawazi kahle amasiko njengoba bengabantu abasuka emakhaya.Bakwazi kahle okufanele bakwenze.

"UPearl akaze asho lutho kimi ngomshado. Angazi, mhlawumbe sebashada ngingazi." 

Ubaba kaPearl udalule ukuthi umndeni wakwaMarawa awuzange umazise ngosho nangokudlula emhlabeni kukaBaba kaRobert.


"Bangazisa ngesikhathi esagula baze bangilanda izikhawu ezimbili ukuthi kuyombheka esibhedlela. Kodwa abazange bangitshele ngokushona kwakhe.

"Ngafunda ngakho emaphepheni.

"Ngosho nendodakazi yami ayizange ingitshele ngakho," usho njalo.

Ubaba kaPearl ebuzwa ngobudlelwano bakhe nondodakazi uthe: "Angifuni ukukhuluma ngakho kodwa engikwaziyo ukuthi ngamkhulisa ngenza konke okusemandleni ukumjabulisa.

"Usekhule ngokwanele uPearl, useyakwazi ukuzibonela okumfanele. Angimdingi ukuthi anginakekele.

"Nginebhizinisi lamatekisi elenza kahle. Ngiyakwazi ukuzinakekela nomndeni wami."

Umama kaRobert, uPhumlile Zulu uthe, umndeni usazilile kulandela ukudlula kukaFrank Marawa.


"Asikwazi ukucabanga ngomshado okwamanje. Sisazilile futhi angeke ngikwaz ukuphawula ngalolu daba," usho njalo.

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaPearl noRobert ayiphumelelanga.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 19-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...