U-SABC ukweleta abaculi nabalingisi izigidi zamarandi

2017-05-18 19:30

Cape Town – Inhlangano yezokusakaza kuleli, iSABC , ikweleta baculi bakuleli kanye nabantu abasendimeni yezomculo izigidi zamarandi zemali yokudlalwa kwezingoma zabo emoyeni kanye nezinye izigidi zemali okumele ikhokhelwe abalingisi ngokuphindwa kwemidlalo yabo kuSABC.

Le nhlangano ikhala ngenkinga yezimali ebhekene nayo njengembangela yokungakhokhi kwayo.

OLUNYE UDABA:I-SABC ikhangisa ngomsebenzi wobeyisikhulu sayo, uHlaudi Motsoeneng

NgoLwesithathu, uSABC utshele iStanding Committee on Public Accounts (Scopa) ePhalamende ukuthi “usalele emuva ngokukhokhwa kwezimali zokudlalwa kwezingoma emsakazweni” futhi ukweleta abaculi okungenani u-R75.4m.

U-SABC ukweleta iSouthern African Music Rights Organisation (Samro) u-R14.5m, iSA Music Performance Rights Association (Sampra) u-R52.7m, i-Association of Independent Record Companies (ARIC) u-R2.8m, iComposers Authors and Publishers Association (Capasso) R3m kanye no-Recording Industry of South Africa (Risa) u-R2.4m.

Le nhlangano yezokusakaza ayidalulanga ukuthi yimalini eyikweleta abalingisi kanye nababhali bemidlalo ngemidlalo ephindwa kuSABC efana no-Sgudi 'Snaysi esidlala kuSABC1 kanye nezinye izinhlelo zakudala ezidla ku-SABC Encore, etholakala kuDStv.

U-SABC uthi wagcina ukukhokhela abaculi ngoDisemba 2016, yize noma ungaphumelanga obala ngokuthi yimalini owayikhokha. Le nhlangano ithi lokhu kungenxa yezinkinga zezimali ebhekene nazo.

 Ngaphezu kwalokho iSABC isihluleke yancama ukukhokhela abaculi abawina kuma-2017 Metro FM Awards ayengenyanga edlule. 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...