U-SABC ufuna kukhokhelwe iTV licence ye-computer, ifoni ne-tablet

2017-05-10 14:00

Cape Town – Sithuse abaningi isikhulu esiphezulu sakwa-SABC, uJames Aguma, ngoLwesithathu ngesikhathi etshela iPhalamende ukuthi iSABC ifuna kuguqulwe umthetho wezokusakaza (Broadcasting Act) ukuze ubandakanye nobunye ubuchwepheshe obubukwayo khona bezoba baningi abantu abakhokhela iSABC TV licence, okubalwa nalabo abasebenzisa ama-computer, omakhalekhukhwini kanye nama-tablet.

U-Aguma, izikhulu zeSABC kanye nebhodi elisha lesikhashana leSABC bavele ngaphambi kwekomiti lezokuxhumana ePhalamende ngenhloso yokubeka esithombeni amaLungu ePhalamende ngesimo sakamuva kulo msakazeli womphakathi obhekene nezinkinga kanye nangohlelo lwawo olusha lokusebenza.

OLUNYE UDABA:IGenerations isidlule uZalo ngababukeli

Uthe iSABC ibheke ukuthi imali ezotholakala ngokukhokhelwa kwama-SABC TV licence ibe ngaphansi kulo nyaka, kodwa wathi iSABC ifuna ukubona kwenziwa izinguquko kuBroadcasting Act ukuze kube yimpoqo kubantu ukuthi bakhokhele iTV licence kobunye ubuchwepheshe ababukela kubo izinhlelo zikamabonakude.  

Njengamanje abantu kumele bakhokhele iTV licence kulobo buchwepheshe obukwazi ukudonsa i-TV signal njengamathelevishini.

Kodwa-ke manje izigidi zabantu zibuka izinhlelo zikamabonakude kuma-computer, ama-laptop, amaselula, ama-tablet kanye nobunye ubuchwepheshe ngenxa yokukhula kohlelo lokusakaza ngobuchwepheshe be-digital.

U-Aguma utshele iPhalamende ukuthi uma iBroadcasting Act ishintshwa, lokhu kuzonyusa imali eqoqwa ngokwama-SABC TV licence nokuzosiza le nhlangano yezokusakaza ukuthi inyuse imali eyingenelayo. 

- Channel24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...